URamaphosa Uxwayise Abazobhikisha Ngo-30 Juni: “Akukho Udlame, Ukusabisa Noma Ukucekela Impahla”
UMengameli uCyril Ramaphosa usexwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ilungelo lokubhikisha elivikelwe nguMthethosisekelo alisho ukuthi abantu bangasebenzisa udlame, bacekele phansi impahla noma basabise abanye.
Encwadini yakhe yamasonto onke ekhishwe ngaphambi kwemibhikisho ehlelelwe uLwesibili, mhla zingu-30 kuJuni, ephathelene nabantu bokufika abangenawo amaphepha asemthethweni, uRamaphosa unxuse bonke abazobamba iqhaza ukuthi benze lokho ngokuthula nangokuhambisana nomthetho.
UMengameli uthe uHulumeni uyavuma ukuthi uhlelo lwezwe lokuphatha ezokufika ludinga izinguquko ezinkulu. Uthe sekuthathwa izinyathelo zokuqinisa ukuphepha emingceleni, kwandiswe ukubanjwa kwabantu abangekho ngokusemthethweni ezweni, kuthuthukiswe uhlelo lwama-visa nolwezicelo zokukhoseliswa, kuphinde kulwiswane nenkohlakalo ephazamisa ukusebenza kohlelo lwezokufika.
Ubuye wagcizelela ukuthi izinhlaka zezokuphepha zimi ngomumo ukuvikela umthetho nokugcina ukuthula ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho.
Ngaphezu kwalokho, uRamaphosa uthe uHulumeni usubekele eceleni imali engu-R600 million ezosetshenziswa emisebenzini yezokuphepha ehambisana nemibhikisho yango-30 Juni.
Ekhuluma eMkhandlwini Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP), uthe izinhlaka zezokuphepha ziqaphile futhi sezenze wonke amalungiselelo okuqinisekisa ukuthi umhla ka-30 Juni uba usuku olujwayelekile lokusebenza, naphezu kwezinsongo zokuthi kungase kube nokuphazamiseka.
“Sikulungele ukubhekana nanoma yikuphi ukuphazamiseka noma ukungazinzi okungase kuvele. Sithatha izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi abantu bayakwazi ukuya emsebenzini futhi baqhubeke nemisebenzi yabo ngendlela ejwayelekile. Izinhlaka zethu zezokuphepha zikulungele ngokuphelele,” kusho uRamaphosa.

