10 Jul 2026, Fri

USETHOLE UKUGXEKWA UNdlovukazi uMaMyeni Ngemuva Kokuneka Amahlazo Omuzi Wakhe Esidlangalaleni 

 

USETHOLE UKUGXEKWA UNdlovukazi uMaMyeni Ngemuva Kokuneka Amahlazo Omuzi Wakhe Esidlangalaleni 

UNdlovukazi uMaMyeni, ongomunye wamakhosikazi eSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, usethole ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwevidiyo eqoshwe eSigodlweni saseMashobeni.

Le vidiyo, esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, idale izinkulumo eziningi njengoba ibonisa iSilo sikhuluma amagama aqinile.

Abantu abaningi abagxeka uMaMyeni bathi bekungafanele le vidiyo isatshalaliswe emphakathini. Ngokombono wabo, izindaba ezithinta iNdlunkulu bekufanele zixazululwe ngaphakathi komndeni naseNdlunkulu kunokuba zivezwe ezinkundleni zokuxhumana.

Lolu daba luqhubeka nokudonsa amehlo omphakathi, njengoba imibono ihlukene ngokuthi ngabe ukusatshalaliswa kwale vidiyo bekufanele yini noma cha. Kuze kube manje, akukabikho isitatimende esisemthethweni esivela eNdlunkulu esiphawula ngalolu daba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *