Umphakathi eNtuzuma Ushise Isitolo Sowokufika Obegoloza Ukuhamba ENingizimu Afrika
Kubikwa ukuthi umphakathi ushise isitolo esaziwa ngokuthi esika-My Friend endaweni yakwa-D eLindelani, eNtuzuma.
Ngokwemibiko esabalele, lesi sitolo besingesomuntu wokufika obekuthiwa ubegoloza ukuhamba eNingizimu Afrika.
Kuthiwa amalungu omphakathi asithungele ngomlilo lesi sitolo ngemuva kwezinsolo zokuthi besesiphenduke indawo okuhlala kuyo abantu abaningi bokufika. Kubikwa ukuthi ngaphakathi kwaso bekukhona abantu abalinganiselwa kwabangu-10, okuthiwa bangabasePakistan abebehlala khona.

